Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:16 - IsiZulu 2020

16 Nqumani umhlwanyeli eBhabhele nophethe isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba yomcindezeli, yilowo nalowo abuyele kubantu bakubo, abalekele ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Nqumani umhlwanyeli eBabele nobamba isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba ecindezelayo yilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe, yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Mbhubhise umhlwanyeli eBabiloni nalowo osebenzisa isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yokwesaba inkemba ecindezelayo bayophendukela, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo nalowo ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:16
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayophendukela kubantu bakubo njengensephe ehujwayo, nanjengezimvu ezingaqoqwa muntu, babaleke, yilowo nalowo aphindele ezweni lakubo.


Uwushiyile umphandu wakhe, njengebhongo lengonyama; ngokuba izwe labo seliyincithakalo, ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.


Uyakukhubekisa izindimbane, yebo, bayakuwa omunye ewela phezu komunye, bathi: ‘Vukani, masibuyele kwabakithi, ezweni esidabuka kulo; sibaleke enkembeni yomcindezeli.’


Ngawe ngiphahlaze umelusi nomhlambi wakhe, ngawe ngiphahlaze umlimi nezinkabi zakhe, ngawe ngiphahlaze ababusi nezikhulu.


“Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.


Jabhani balimi, nikhale nina enilima izimvini ngenxa kakolo nebhali, ngokuba isivuno sensimu sishabalele.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, iNkosi, uthi: “Kuyakulilwa kuzo zonke izigcawu, nakuyo yonke imigwaqo, kuthiwe: ‘Maye! Maye!’ Bayakubiza umlimi ukuba akhale, nongoti bokukhihla isililo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ