Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:14 - IsiZulu 2020

14 “Nina nonke eninsala imicibisholo, manini ngomumo, nimelane neBhabhele, nilicibe, ningayigodli imicibisholo, ngokuba lonile kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Zihleleleni iBabele nxazonke nina nonke eninsala umnsalo, nicibishele kulo, ninganqandi imicibisholo, ngokuba lonile kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Zihleleleni ukulwa neBabele nxazonke; bonke abansala umnsalo bacibishela kuyo, bangashiyi imicibisholo, ngokuba yonile kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:14
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu.


Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


Yizwani umsindo ezintabeni, inhlokomo kungathi ngeyabantu abaningi! Yizwani ukuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangana ndawonye! USimakade Wamabandla uqoqa impi yakhe.


abamicibisholo iloliwe, neminsalo yabo yonke insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakufaniswa nezensengetshe; namasondo abo, njengesivunguvungu.


Khuphukani, mahhashi, nibhembuluke zinqola, mawaphume amaqhawe: uKhushe noPhuthi babambe izihlangu, namaLudi abambe umnsalo.


Ngiwuzwile umbiko ovela kuSimakade, kuthunywe isithunywa ezizweni sayokuthi: “Qoqanani, nimelane nalo; sukumani, nilungele ukulwa.”


usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bheka, ngiyakuwephula umnsalo we-Elamu, isiqalo samandla abo.


“Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; umsindo wabo uzwakala njengokuduma kolwandle; bagibele amahhashi, bahlelwe njengamabutho eyohlasela indodakazi yaseBhabhele.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngiwukhuphule umfelandawonye wezizwe ezinamandla, zivela ezweni enyakatho, ngizilethe eBhabhele; ziyakuzihlela kahle, zilinqobe, lapho imicibisholo yalo iyofana neyengwazi engabuyi ilambatha.


Ngiyothumela abafokazi eBhabhele, abayolihlunga, balithulule, balenze incithakalo izwe lalo; ngokuba ngosuku lwenhlekelele bayolithelekela nxazonke.


“Phakamisani ibhanela ezweni, nishaye icilongo ezizweni, nivivise izizwe ukuba zilwe nalo, nibize imibuso yase-Ararathi, yaseMini nase-Ashikhenaze, ilihlasele. Nibeke induna yamabutho amelane nalo, nithumele khona amahhashi anjengequlu lesikhonyane.


Ningamniki thuba lokuciba ngomnsalo wakhe owaseBhabhele, makangahlomi ngezikhali zakhe. Izinsizwa zalo ningazisindisi, niwaqede nya amabutho alo.


Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa, nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.


Phela wena uziphangile izizwe eziningi, yonke insali yabantu iyakukuphanga nawe, ngenxa yokuchitha igazi labantu nobudlova obenziwe ezweni nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.’


ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.


UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ