Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:13 - IsiZulu 2020

13 Ngenxa yentukuthelo kaSimakade aliyukuhlalwa muntu, kodwa lonke liyakuba yincithakalo. Bonke abadlula eBhabhele bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlekelele zalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu, kepha liyakuba yincithakalo lonke; bonke abadlula eBabele bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngenxa yentukuthelo kaJehova ayiyikuhlalwa, kepha iyoba yihlane ngokuphelele;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:13
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.”


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.


Bheka, ngiyakukhipha umyalo, kusho uSimakade, ngibabuyisele kuwo lo muzi; bayokulwa nawo, bawudle, bawushise ngomlilo. Ngiyakuyenza imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


“U-Edomi uyakuba yinto esabekayo, kuthi bonke abedlulayo bamangale, banximfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.


Ngokuba liyakuhlaselwa yisizwe esivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabi bikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.”


Abayukuthatha kuwe itshe legumbi netshe lesisekelo, ngokuba uyakuba yincithakalo, kuze kube phakade,” kusho uSimakade.


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele; ngokuba inhloso kaSimakade ngeBhabhele izofezeka, enze iBhabhele libe yincithakalo, ukuze kungabi bikho ohlala kulo.


IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.


uthi: ‘Simakade, Wena ukhulumile ngale ndawo ukuthi uzoyiqeda ukuze kungabi bikho muntu nasilwane okuhlala kuyo, ngoba izokuba yihlane, kuze kube phakade.’


Abahwebi ezizweni bayakukunximfela; usuyincithakalo; awusayukuba bikho kuze kube phakade.’ ”


Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


“Isizukulwane senu, abantwana benu eniyobazala, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakubona izinhlupheko zaleso sizwe, nobhubhane uSimakade alithele ngalo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ