Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:1 - IsiZulu 2020

1 Izwi uSimakade alikhuluma ngeBhabhele, nangezwe lamaKhaledi, ngomlomo kaJeremiya, umphrofethi, lithi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele nangezwe lamaKaledi ngomprofethi uJeremiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:1
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari.


UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.


Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.


“UMoya kaNkulunkulu wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona.


Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “AmaKhaledi enze amaviyo amathathu, ahlasela, athumba amakameli, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


nihaye le ngoma, nedelele inkosi yaseBhabhele, nithi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokuqedwa kokuqhosha!


Bheka izwe lamaKhaledi, leso sizwe asisekho, saqedwa yi-Asiriya, laphenduka indawo yezilwane zasendle. Lamisa imibhoshongo yokuvimbezela, izindlu zamakhosi lazenza ize, izwe laphenduka incithakalo.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


Ngonyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema, walivimbezela.


“Waphuma ezweni lamaKhaledi, wayokwakha eHarana. Emva kokufa kukayise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli lizwe enakhe kulo nina manje.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Kwalandela futhi enye ingelosi yesibili, ithi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lezinkanuko nobufebe balo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ