Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 5:8 - IsiZulu 2020

8 Bafana namahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo ukhanuka umfazi kamakhelwane wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Babenjengamahhashi akhuluphalisiweyo ekuseni; kwaba yilowo nalowo waxosha umkamakhelwane wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 5:8
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”


“Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngacutha emnyango womakhelwane wami,


Ungayifisi indlu yomakhelwane wakho; ungamfisi umfazi womakhelwane wakho, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, noma yini kamakhelwane wakho.”


Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe lomisile ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Baphila impilo embi, basebenzisa namandla abo ngokungafanele.


ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.


“Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;


Sengathi ngabe nginendawo yokulala izihambi ehlane, ukuze ngibashiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bonke bayiziphingi, iqembu lamaqili.


Omunye wenze isinengiso nomkamakhelwane wakhe. Omunye wangcolisa umalokazana wakwakhe ngobufebe, omunye kubo wone udadewabo, indodakazi kayise.


“ ‘Ungamfisi umfazi womakhelwane wakho; ungayifisi indlu yomakhelwane wakho, insimu yakhe, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, nokunye kukamakhelwane wakho.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ