Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 5:5 - IsiZulu 2020

5 Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade nesimiso sikaNkulunkulu wabo,” nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo, bazigqabula izibopho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Sengiyakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaJehova nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;” kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngiyakuziyisa kwabakhulu, ngikhulume nabo; ngokuba babeyazi indlela kaJehova nomthetho kaNkulunkulu wabo; kodwa balaphula ngokupheleleyo ijoka futhi bagqabula izibopho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 5:5
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zonke izikhulu zabaphristi nabantu baphambuka kakhulu, benza okungalungile, balandela zonke izinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaSimakade ayeyingcwelise eJerusalema.


UMose wabona ukuthi abantu sebeyimidlwembe, ngokuba u-Aroni wayebayekile baphuma esandleni, baze bahlekwa yizitha zabo.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


“Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade. “Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye na? Kungani abantu bami bethi: ‘Sesidlubulundile, asisayukubuyela kuwe,’ na?


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Unogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo; ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu, kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho; kodwa abantu bami kabazazi izimiso zikaSimakade.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yilawa madoda ahlela inkohlakalo, futhi eluleka kulo muzi ngezeluleko ezimbi,


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


UJesu embona ukuthi ulimele kakhulu, wathi: “Kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu.


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ