Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:7 - IsiZulu 2020

7 Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngo-Edomi, usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? icebo labahlakaniphileyo libhubhile na? ukuhlakanipha kwabo sekuphelile?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:7
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe kuleso silovela sakho esibomvu, ngafa yindlala.” Kungakho kuthiwa ungu-Edomi.


U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”


UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,


Amadodana ka-Elifazi kwakunguThemane, u-Omari, uZefo, uGathamu noKhenazi.


Nazi izikhulu ezavela emadodaneni ka-Esawu: amadodana ka-Elifazi, izibulo lika-Esawu, kwakunguThemani, u-Omari, uZefo, uKhenazi,


Wakhothama uJobhabhu, ubukhosi bathathwa uHushama waseThemane.


U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.


Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.


Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Lesi yisiphrofetho ngeDuma. Kukhona ongimemeza eseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”


ngakho ngizobuye ngibenzele izinto ezimangalisayo laba bantu, ezethusayo nezimangalisayo. Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela, nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


nabakwa-Edomi, nabakwaMowabi, nabakwa-Amoni,


iDedani, iThema, iBhuzi, nabo bonke abagunde badilinga amakhanda abo emaceleni,


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Ngakho-ke yizwani ngecebo likaSimakade; ngo-Edomi nalokho akuhlosile ngabakhileyo eThemani: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa basuswe, abhubhise amadlelo abo ngenxa yabo.


Abahlakaniphileyo bayohlazeka, badangale, babhajwe; balilahlile izwi likaSimakade, pho banakuhlakanipha kuni na?


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


“Lapho kukhona u-Edomi, amakhosi akhe, nazo zonke izikhulu zakhe, okuthe nakuba bebengamaqhawe nokho balaliswa nababulawe ngenkemba, abangasokile, nalabo abehlela egodini.


Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabakwa-Amoni.


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni iPharanu.Sela Inkazimulo yakhe isibekela amazulu, udumo lwakhe lugcwele umhlaba.


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ