Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:32 - IsiZulu 2020

32 “Amakamela aso ayakuba yimpango, nemfuyo yaso eningi iyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela ezindaweni zonke, bonke abadilingwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo inhlekelele evela nxazonke,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Amakamela aso ayakuba yimpango, nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke, bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Amakamela abo ayakuba yimpango, nemfuyo yabo eminingi ibe yimpango; futhi labo abasezindaweni ezikude ngiyobahlakazela kuyo yonke imimoya; futhi ngiyoletha ukubhujiswa kwabo kuzo zonke izinhlangothi zalo,” kusho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:32
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

iDedani, iThema, iBhuzi, nabo bonke abagunde badilinga amakhanda abo emaceleni,


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine evela emkhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, akuyukuba bikho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela,


iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ