Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:23 - IsiZulu 2020

23 Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 NgeDamaseku. “IHamati ne-Aripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi, kuphela amandla. Kuyahlupheka njengolwandle, akunakuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Mayelana neDamaseku. IHamati ijabhile ne-Aripadi, ngokuba kuzwile izindaba ezimbi; badangele; kukhona ukudabuka olwandle; akukwazi ukuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:23
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ebusuku u-Abhrama wawehlukanisa phakathi amadoda ayehamba nawo, ayithelekela nxazonke eyezitha; ayidudula aze ayithela eHobha enyakatho neDamaseku.


U-Abhrama waphendula wathi: “Nkosi Simakade, uzonginikani njengoba ngingenamntwana nje? Ngisho nefa lami imbala lizodliwa ngu-Eliyezeri waseDamaseku.”


Ngisho nonesibindi, onenhliziyo enjengeyengonyama, uyophelelwa ngamandla ngenxa yokwesaba, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabantu ahamba nabo bangamaqhawe anamandla.


UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri,


Ngesikhathi uDavide ebabulala, waziqoqela abantu, wayeseba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona.


Baphi onkulunkulu baseHamathi nase-Ariphadi na? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabase-Iva na? Balophulile yini iSamariya esandleni sami na?


Iphi inkosi yaseHamathi, eyase-Ariphadi, eyomuzi iSafarivayimi, eHena, nase-Iva na?’ ”


I-Abhana neFariphari, imifula eseDamaseku, ayingcono yini kunawo wonke amanzi akwa-Israyeli na? Bengingegeze yini kuyo, ngihlambuluke na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.


U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:


Izikhulu zakwa-Edomi zaba netwetwe; izikhulu zakwaMowabi zathuthumela; zonke izakhamuzi zaseKhanani zaphelelwa ngamandla.


IKhalino alinjengeKharikhemishi na? IHamathi alinjenge-Ariphadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


Ngalokho zonke izandla ziyakuba ntekenteke, nezinhliziyo ziphele amandla.


Baphi onkulunkulu baseHamathi nase-Ariphadi; baphi onkulunkulu baseSefarivayimi na? Balikhululile yini iSamariya esandleni sami na?


Iphi inkosi yaseHamathi, neyase-Ariphadi, neyomuzi waseSefarivayimi, neyaseHena, neyase-Iva na?”


Ababi banjengolwandle olugubhayo, olungakwazi ukuthula, olumanzi alo akhipha udaka nobishi.


ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.


Kepha impi yamaKhaledi yabahubha, yamfica uZedekiya ezinkalweni eJerikho, yambamba, yamyisa kuNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, owayeseRibhila eHamathi, wamgweba.


“ ‘AbaseDamaseku babengabathengi bakho, ngenxa yobuningi bomkhiqizo wakho, nangawo wonke umcebo wakho, bona babekuhwebela ngewayini laseHelibhoni noboya obumhlophe.


Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?


Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.


Kwaphela izinsuku eziningi ilanga nezinkanyezi kungasabonakali.


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.


NgiseDamaseku induna yenkosi u-Aretha yawuqapha umuzi wabaseDamaseku ukuze ingibambe;


Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’


Kodwa abafowethu engangikhuphuke nabo baba nombiko oqeda abantu amandla. Kepha mina ngamlandela uSimakade uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo.


Sithe ukuba sizwe ngalokho izinhliziyo zangenwa yingebhe, kwangaba bikho muntu onesibindi sokuma phambi kwenu, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu, unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ