Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:18 - IsiZulu 2020

18 Njengokuchithwa kweSodoma neGomora, nemizi eyakhe ngakhona; akuyukuhlala muntu lapho, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Njengasekuchithweni kweSodoma neGomora nemizi yangakhona,” usho uJehova, “akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Njengokuchithwa kweSodoma neGomora nemizi yangakubo, usho uJehova, akuyikuhlala muntu khona, kungahlali muntu khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:18
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.


Aliyukucinywa ubusuku nemini, intuthu yalo iyothunqa yenyuke kuze kube phakade. Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane, akukho muntu oyodabula kulo nanini.


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


“IHazori liyakuba yindawo ehlala amakhanka nencithakalo, kuze kube phakade. Akuyukuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona.”


Njengalokho uNkulunkulu wabhubhisa iSodoma neGomora, nemizi yawo eyakhelene, kanjalo akuyukuhlala muntu khona, kungagogobali lapho indodana yomuntu,” kusho uSimakade.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Nanjengalokhu u-Izaya washo phambilini wathi: “Ukuba iNkosi Yamabandla ibingasishiyelanga ulibo, besiyakuba njengeSodoma, sibe njengeGomora.”


“Isizukulwane senu, abantwana benu eniyobazala, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakubona izinhlupheko zaleso sizwe, nobhubhane uSimakade alithele ngalo,


lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe.


Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu.


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ