Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:13 - IsiZulu 2020

13 Ngizifunge Mina uqobo, kusho uSimakade, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, ihlazo, into esabekayo, nesiqalekiso, nayo yonke imizi yalo iyakuba yincithakalo yaphakade,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba ngizifungile mina, usho uJehova, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso; yonke imizi yakhe iyakuba yincithakalo kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:13
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngizifunge Mina, kusho uSimakade: ‘Ngenxa yokuba wenze lokhu, ungayigodlanga indodana yakho eyodwa,


Kuthe ukuba akhothame uBhela, ubukhosi bathathwa uJobhabhu, indodana kaZera waseBhozira.


UBhela wakhothama; kwabekwa uJobhabhi, indodana kaZera waseBhozira, esikhundleni sakhe.


USimakade unenkemba; igcwele igazi, izinonisile ngamanoni egazi lezimvana nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uSimakade uyanikela umhlatshelo eseBhozira, uyazihlabela kakhulu kwa-Edomi.


Ngizifunge Mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyukubuyela emuva: wonke amadolo, ayoguqa kimi nezilimi zonke ziyofunga.


Ngubani lona ovela kwa-Edomi, enezingubo ezibomvu zaseBhozira; lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho, ohamba ngamandla amakhulu na? “Yimina engikhuluma ngokulunga, nenginamandla okusindisa.”


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade nina nonke baJuda enihlala eGibhithe: ‘Bheka, ngifunga igama lami elikhulu,’ kusho uSimakade, ‘ukuthi igama lami alisayukubizwa muntu wakwaJuda ezweni lonke eGibhithe, athi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade.”


eKeriyothe, eBhozira, nakuyo yonke imizi yakwaMowabi, ekude neseduze.


Bheka, uyakukhuphuka ashwize njengokhozi, ehle, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira. Izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakufana nenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


USimakade Wamabandla uzifunga Yena uqobo, uthi: impela ngiyakukuthelekela ngezinkumbi zamabutho njengesikhonyane, ayokhuza iziqubulo zokunqoba ngawe.


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”


INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe, ngiyazizonda izigodlo zakhe; ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”


Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ