Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:8 - IsiZulu 2020

8 Umbhubhisi uyakutheleka kuyo yonke imizi, akuyukuphunyuka muzi; isigodi siyobhujiswa, ithafa liqothulwe; lokho ukushilo uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakuchithwa, ithafa liqothulwe, njengalokho uJehova eshilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakubhubha, ithafa libe yihlane, njengalokho uJehova ekhulumile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:8
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abafelokazi babo baningi kimi kunesihlabathi solwandle; ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha, ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha, ukwesaba nengebhe.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


“Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, wena sakhamuzi, ndodakazi ehlala eDibhoni, ngokuba umbhubhisi kaMowabi usefikile, uzobhubhisa izinqaba zakho.


Ngokuba umbhubhisi uselithelekele, uhlasele iBhabhele, kuthunjwa amabutho alo, neminsalo yawo iyaphoqozwa, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wemivuzo, uphindisela ngokupheleleyo.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.


“ ‘uyabona-ke manje, sengizowuvula umthambeka kaMowabi, angabe esaba namizi, kusukela emizini esemingceleni, indawo enhle yezwe: iBhethi Jeshimothi, iBhali Mehoni, neKiriyathayimi,


neHeshibhoni, nayo yonke imizi yalo esethafeni; iDibhoni, iBhamothi Bhali, iBhethi Bhali Mehoni,


okungukuthi yonke imizi esethafeni, nawo wonke umbuso kaShihoni inkosi yama-Amori, owayebusa eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nababusi bakwaMidiyani: u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure noRebha izikhulu zikaShihoni ezazakhe kulelo lizwe.


kusuka e-Aroweri elingasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nethafa kusuka eMedeba kuya eDibhoni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ