Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:45 - IsiZulu 2020

45 “Ababalekileyo bayokuma emthunzini waseHeshibhoni, bekhathele, ngokuba umlilo uyakuqubuka eHeshibhoni, nelangabi eSihoni, ungqongqise ibunzi likaMowabi, nokhakhayi lwabantu abanomsindo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 “Emthunzini waseHeshiboni ababalekileyo bayema bephelile amandla, ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni, nelangabi phakathi kweSihoni; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Ababalekayo bema emthunzini weHeshiboni ngenxa yamandla, kepha umlilo uyakuphuma eHeshiboni, nelangabi phakathi kukaSihoni, lidle ikona likaMowabi nekhanda labahlukumezi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:45
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uSihoni, inkosi yama-Amori, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, nemibuso yonke eKhanani.


Izinsizwa zakhona zagwinywa ngumlilo, izintombi zakhona zangahayelwa nkondlo.


Abantu baseNofi nabaseThahiphanesi baluphucile ukhakhayi lwakho.


Udumo lukaMowabi luphelile; iHeshibhoni bacebe okubi ngalo, bathi: wozani sisiqede nya lesi sizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa; inkemba iyakukuxosha.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaMowabi, uyakungqongqisa izinqaba eKeriyothi. AbakwaMowabi bafele emsindweni, kube ubumayemaye, kukhale icilongo.


Kuyena kuyakuvela itshe legumbi, kuvele isikhonkwane, kuvele umnsalo wempi, kuvele nababusi bonke ndawonye.


U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, wathi:


IHeshibhoni kwakungumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayewuthathe enkosini endala yakwaMowabi, wadla lonke izwe lakhe kwaze kwayofika e-Arinoni.


ngokuba kwaqubuka umlilo eHeshibhoni, kwalavuka amalangabi emzini kaSihoni, alishaya aliqothula i-Ari lakwaMowabi, nezakhamuzi zasezindaweni eziphakeme e-Arinoni.


Maye kuwe, Mowabi! Nibhubhile nina bantu bakaKhemoshi. Wenze amadodana akhe aba ngabakhoseli, amadodakazi akhe aba ngabathunjwa benkosi yama-Amori, uSihoni.


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ