Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:27 - IsiZulu 2020

27 U-Israyeli wayengesiyo yini inhlekisa kuwe na? Watholakala enamasela yini, njengoba uma ukhuluma ngaye unikina ikhanda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba u-Israyeli wayengesiyo inhlekisa kuwe na? wafunyanwa phakathi kwamasela na? ngoba selokhu ukhulumile ngaye, ugxume ngokuthokoza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:27
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nami bengingakhuluma njengani, ukuba benisesikhundleni sami, bengingayihlanganisa inkulumo, ngimelane nani, ngininikinele ikhanda.


Usenze isethuko komakhelwane bethu, inhlekisa nendumalo kwabasiphahlileyo.


Bayakuwiswa, bahilwe lulimi lwabo, bonke abababonayo bayonikina amakhanda.


Sesiphenduke isethuko komakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekisa kwabasiphahlileyo.


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


“Njengesela linxothoza lapho selibanjiwe, iyakuba njalo nendlu yakwa-Israyeli; iyokuba namahloni, yona namakhosi ayo, izikhulu zabo, abaphristi babo, nabaphrofethi babo


Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.


IJerusalema ekuhluphekeni nasekuzulazuleni kwalo, liyazikhumbula zonke izinto ezinhle elalinazo emandulo. Lapho abantu balo bewela esandleni sesitha, akubanga bikho muntu owabasiza. Isitha sabukela, sababhinqa ngokuwa kwalo.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba uMowabi neSeyiri bathe: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke ezinye izizwe,”


Njengoba nawe wathokoza ngefa lendlu yakwa-Israyeli, lapho iba yincithakalo, ngiyakwenza kanjalo nakuwe. Wena ntaba iSeyiri uyakuba yincithakalo, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke jikelele, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.”


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba isitha sithe kini: Ashila, sabuye sathi: Izindawo eziphakemeyo zasemandulo seziyifa lethu.


ngakho-ke zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uSimakade, elithi: Isho kanje iNkosi uSimakade kuzo izintaba, emagqumeni, emifuleni, ezigodini, ezindaweni eziyincithakalo, emizini esisele dengwane, osekuyimpango nenhlekisa yezizwe eziseleyo ezizungeze gimbici,


Yilokho okuyakuba ngokwabo esikhundleni seqholo labo, ngokuba bathuke inhlamba, basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.


“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe.


Kwakubethelwe kanye naye abaphangi ababili; omunye engakwesokunene, omunye engakwesokhohlo.


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ