Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 43:13 - IsiZulu 2020

13 Uyakwaphula izinsika zaseBhethi Shemeshi eziseGibhithe; ashise ngomlilo amathempeli onkulunkulu baseGibhithe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Uyakwaphula izithombe zaseBeti Shemeshi esezweni laseGibithe; nezindlu zonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 43:13
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalolo lusuku, eGibhithe, kuyoba nemizi emihlanu ekhuluma ulimi lwaseKhanani, eyokwenza isifungo sokwethembeka kuSimakade Wamabandla. Omunye waleyo mizi uyobizwa ngokuthi nguMuzi Wembubhiso.


UFaro wamqamba uJosefa ngokuthi unguZafenathi Phaneya, wayesemganisela u-Asenathi indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. UJosefa walithola kanjalo igunya phezu kwalo lonke iGibhithe.


Bayazikhothamela, baguqe kanyekanye; azinakuwukhulula umthwalo, kodwa nabo luqobo baya ekuthunjweni.


Ngiyakuphemba umlilo emathempelini onkulunkulu baseGibhithe, uyakuwashisa, abathumbe abanye onkulunkulu bakhona, ahambe nabo, iGibhithe uyakulembatha njengomelusi embatha ingubo yakhe, aphume kulo engenamyocu.


Izwi elafika kuJeremiya mayelana nabaJuda bonke ababehlala eGibhithe, eMigidoli, eThahiphanesi, eNofi, nasePhathirosi, lathi:


USimakade Wamabandla uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, uFaro, iGibhithe, onkulunkulu balo, amakhosi alo, nabethembele kuFaro.


Uyakuyigxobagxoba yonke imigwaqo yakho ngezinselo zamahhashi akhe, abulale abantu bakini ngenkemba, nezinsika zakho eziqinileyo ziwele phansi.


Nonkulunkulu babo nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibhithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Isiphrofetho ngeGibhithe. Bheka, uSimakade ugibele efini elisheshayo, uyeza eGibhithe; onkulunkulu baseGibhithe bazothuthumela phambi kwakhe, nezinhliziyo zabaseGibhithe ziphele amandla phakathi kwabo.


“Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”


UFaro inkosi yaseGibhithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabo bonke abantu bakhe,


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngiyakuzishabalalisa izithombe, ngibaqede nya onkulunkulu abayize eNofi; akusayukuba bikho nkosana evela eGibhithe; ngiyakulifaka ingebhe iGibhithe.


Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Bhesethi ziyakufa ngenkemba, abahlala emizini bathunjwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ