Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:21 - IsiZulu 2020

21 Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Manje sengikumemezele kini namuhla; kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nanoma yini angithume ngayo kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:21
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.


Kwathi ukuba uJeremiya aqede ukukhuluma kubantu bonke, wonke amazwi kaSimakade uNkulunkulu wabo, uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthume wona kubo;


UJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bempi, nabantu bonke kabalilalelanga izwi likaSimakade lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.


baya eGibhithe, ngokuba kabaligqizanga qakala izwi likaSimakade; baze bafika eThahiphanesi.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


“Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


Uyabona-ke, unjengesihlabelelo sothando, unephimbo elimnandi kubo, ulushaya kamnandi ugubhu, bayawezwa amazwi akho, kodwa abenzi lutho ngawo.


Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo nokomileyo,


“Bheka, ngibeka namuhla phambi kwakho, ukuphila nenqubekela phambili, ukufa nokubi,


“Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ