Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:11 - IsiZulu 2020

11 Ningayesabi inkosi yaseBhabhele le eniyesabayo. Ningayesabi, kusho uSimakade, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginihlenge esandleni sayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; ningayesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginophule esandleni sayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; Ningamesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginikhulule, nginisindise esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:11
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abantu, abancane, nabadala, nabakhuzi bempi basuka babalekela eGibhithe, ngokuba babesaba amaKhaledi.


USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga.


Bayokulwa nawe, kodwa abasoze bakwehlula, ngokuba nginawe,” kusho uSimakade, “ukuba ngikophule.”


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, siyikhonze; leso sizwe ngiyakusiyeka ezweni laso, sililime, sihlale kulo, kusho uSimakade.” ’ ”


Ngakhuluma amazwi afanayo enkosini yakwaJuda, uZedekiya, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.


Ningabalaleli; yikhonzeni inkosi yaseBhabhele ukuze niphile; kungani lo muzi ube ngowokubhujiswa na?


bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ