Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:1 - IsiZulu 2020

1 Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Zase zisondela zonke izinduna zempi, noJohanani indodana kaKhareya, noJezaniya indodana kaHoshaya, nabantu bonke abancane nabakhulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zase zisondela zonke izinduna zamabutho, oJohanani indodana kaKhareya, loIshaniya indodana kaHoshaya, labo bonke abantu, kusukela komncinyane kusiya komkhulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:1
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zonke izinduna zempi nabantu bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya waba ngumbusi ezweni, zase ziya kuGedaliya eMizipha: u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, noJohanani, indodana kaKhareya, noZeraya, indodana kaThanihumethi waseNethofa, noJahazaniya, indodana yomMahakha, nabantu babo.


INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe, obizwa ngegama lika-Israyeli, ovela okhalo lukaJuda, ofunga igama likaSimakade, nobiza uNkulunkulu ka-Israyeli kungengaqiniso nakulunga.


UZedekiya, inkosi, wathumela uJehukhali, indodana kaShelemiya, noZefaniya, indodana kaMahaseya, umphristi, kumphrofethi uJeremiya, wathi: “Ake usikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wethu.”


UJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababesendle, beza kuGedaliya eMizpha,


zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.


Kwathi ukuba uJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bezwe ngobubi obenziwe ngu-Ishmayeli, indodana kaNethaliya,


UJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bathatha yonke insali yabantu eyayithunjwe ngu-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, eMizpha, emveni kokuba esebulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amabutho, abesifazane, izingane, nabathenwa, ayebuye nabo eGibheyoni.


bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.


Ngokuba nenze iphutha elikhulu ngokungithumela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Sinxusele kuSimakade uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uSimakade uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’


Wayesebiza uJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bonke bempi ababenaye, nabantu bonke abancane nabadala,


u-Azariya indodana kaHoshayiya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abazigqajayo, bathi kuJeremiya: “Uqamba amanga. USimakade uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba, uthi: ‘Ningahambi niyogogobala eGibhithe,’


Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala; kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo.


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaSimakade elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga. Ngasekungeneni kwesango kwakunamadoda angama-25. Ngabona phakathi kwawo noJahazaniya indodana ka-Azuri, noPhelathiya indodana kaBhenaya, abaholi babantu.


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu.


“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


Babemnaka bonke, kusukela kwabancane kuya kwabadala, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ