Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 41:16 - IsiZulu 2020

16 UJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bathatha yonke insali yabantu eyayithunjwe ngu-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, eMizpha, emveni kokuba esebulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amabutho, abesifazane, izingane, nabathenwa, ayebuye nabo eGibheyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa, yena esembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amadoda empi, nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJohanani indodana kaKhareya wayesethatha nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, yonke insali yabantu ayebophulile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa ngemva kokuzalwa kukaGedaliya indodana kaNethaniya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 41:16
4 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zonke izinduna zempi nabantu bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya waba ngumbusi ezweni, zase ziya kuGedaliya eMizipha: u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, noJohanani, indodana kaKhareya, noZeraya, indodana kaThanihumethi waseNethofa, noJahazaniya, indodana yomMahakha, nabantu babo.


U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMizpha, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele khona, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuze adlulele kwabakwa-Amoni.


Wayesebiza uJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bonke bempi ababenaye, nabantu bonke abancane nabadala,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ