Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 40:5 - IsiZulu 2020

5 Engakathathi isinqumo, yathi kuye: “Buyela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBhabhele embeke ukuba abe ngumbusi obusa imizi yakwaJuda, uyohlala naye phakathi kwabantu, noma-ke uyakuya noma kuphi lapho uthanda ukuya khona.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamdedela ukuba ahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Engakabuyi, yathi: “Buyela kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda, uhlale naye phakathi kwabantu; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamvumela ukuba ahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Engakabuyi, wathi: “Buyela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, indodana kaShafani, inkosi yaseBabele immise abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda, uhlale naye phakathi kwezizwe; lapho kubonakala kukuhle kuwe ukuya khona. Khona-ke induna yabalindi yamnika ukudla nomvuzo wamkhulula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 40:5
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yayala uHilikiya, umphristi, u-Ahikamu, indodana kaShafani, u-Akhibhori, indodana kaMikhaya, uShafani, umbhali no-Asaya, inceku yenkosi, yathi kubo:


UHilikiya umphristi, u-Ahikamu, u-Akhibhori, uShafani, no-Asaya baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo, owayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili, bakhuluma naye.


Inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMikha, uShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:


Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Uma bekwehlisa isithunzi, uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’ ngokuba uyamsindisa ozithobayo.


Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


USimakade, wathi: “Ngiyakukukhulula kube kuhle; impela isitha ngisenze sikunxuse ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.


Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.


ukuba uJeremiya akhishwe egcekeni labalindi. Bamedlulisela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


Bheka, manje ngiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle kuwe ukuba uye nami eBhabhele, woza, ngiyakukunakekela, kodwa uma ungafuni ukuya nami eBhabhele, hlala. Uyabona, lonke izwe liphambi kwakho; yana lapho ufisa ukuya khona.”


Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama, ongowozalo lwasebukhosini futhi engomunye wezikhulu zenkosi kanye namadoda alishumi, bafika kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu eMizpha, badla khona ukudla ndawonye.


bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.


U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya namadoda alishumi ayehamba nawo, basukuma, bambulala ngenkemba uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani; uGedaliya owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.


Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle.


kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawula yawavimba enhlosweni yawo. Yayaleza ukuba labo abakwaziyo ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, baze bafike emhlabathini.


Basihlonipha kakhulu impela, kwathi mhla sihamba ngomkhumbi, basipha esikudingayo.


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ