Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 40:1 - IsiZulu 2020

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngemva kokuba uNebuzaradani, induna yabalindi, isimkhululile eRama, ngesikhathi imthatha, wayesaboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda, abathunjelwa eBhabhele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yemilindankosi emlethile eRama, lapho esemthathile eboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke ababethunjwe eJerusalema nakwaJuda, ababethunjiwe kude ekuthunjweni eBhabhiloni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 40:1
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngonyaka wama-36 wokubusa kuka-Asa, uBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka wayohlasela uJuda. Wakha iRama ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa, inkosi yakwaJuda.


Ngokuba wephule amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.


UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.


Kwathi ngemuva kwezinsuku ezilishumi, izwi likaSimakade lafika kuJeremiya.


Kwathi ngonyaka we-12 wokuthunjwa kwethu, ngosuku lweshumi enyangeni, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ