Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 4:21 - IsiZulu 2020

21 Kuyoze kube nini ngibona ibhanela, ngizwa umsindo wecilongo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Koze kube nini ngibona ibhandela,* ngizwe izwi lecilongo, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Koze kube nini ngibona ibhanela futhi ngizwa ukukhala kwecilongo?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 4:21
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Inkosi yaseGibhithe yamsusa eJeruselema, izwe yalikhokhisa intela engamathalenta esiliva ayikhulu nethalenta legolide.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Kumenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke lenziwe incithakalo. Amathende ami ashatshalaliswe ngokushesha, namakhethini ami ngokuphazima kweso.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ