UJeremiya 39:5 - IsiZulu 20205 Kepha impi yamaKhaledi yabahubha, yamfica uZedekiya ezinkalweni eJerikho, yambamba, yamyisa kuNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, owayeseRibhila eHamathi, wamgweba. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE5 Kepha impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uSedekiya emahlane aseJeriko, yambamba, yamkhuphulela kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, wamahlulela. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20245 Kodwa impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uZedekiya emathafeni aseJeriko; sebemthathile, bamyisa kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, lapho ahlulela khona. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’
Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bhekani, ngizakumnikela uFaro Hofira, inkosi yaseGibhithe, esandleni sezitha zakhe nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwakhe, njengalokhu nganikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhiloni, isitha sakhe esasifuna ukuphila kwakhe.’ ”