Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:9 - IsiZulu 2020

9 “Nkosi yami, nkosi, laba bantu benze okubi ngakho konke abakwenze kuJeremiya, umphrofethi, bamphonse emgodini; uzakufela lapho ngenxa yendlala, ngokuba akusekho kudla emzini.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Nkosi yami, nkosi, laba bantu benzile okubi ngakho konke abakwenzile kuJeremiya umprofethi, abamphonsile emgodini; uyakufela endaweni lapho ekhona ngokulamba, ngokuba akusekho ukudla emzini.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nkosi yami, nkosi, laba bantu benza okubi kukho konke abakwenzayo kuJeremiya umprofethi, amphonsa emthonjeni; futhi unjengobulawa indlala endaweni akhona, ngoba akusekho sinkwa emzini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:9
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokwedelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, nokho angiphumanga emnyango.


Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


UZedekiya, inkosi, wayeseyala ukuba uJeremiya bambeke egcekeni labalindi, bamnika nsuku zonke iqebelengwane lesinkwa elivela emgwaqweni wababhakizinkwa, kwaze kwaphela sonke isinkwa emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni labalindi.


Inkosi yayisimyala u-Ebhedi Melekhi, umKhushe, ithi: “Thatha lapha amadoda angama-30, uhambe nawo, nimkhiphe uJeremiya, umphrofethi, emgodini, engakafi.”


U-Ebhedi Melekhi waphuma esigodlweni, wakhuluma enkosini, wathi:


Kepha wena ngiyakukusindisa ngalolo lusuku, kusho uSimakade, awuyukunikelwa esandleni sabantu obesabayo.


Ngenyanga yesine, mhla ziyisishiyagalolunye kuleyo nyanga, kwabhoka indlala enkulu emzini, kwakungekho kudla kwabantu bezwe.


Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


Bangiphonse emgodini, bawugcika ngamatshe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ