Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:17 - IsiZulu 2020

17 UJeremiya wayesethi kuZedekiya: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma uphuma nokuphuma, uye ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele, uyakuphila, futhi nalo muzi awuyukushiswa ngomlilo, uyakuphila wena nabendlu yakho, niyophila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesethi uJeremiya kuSedekiya: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma uphuma nokuphuma, uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila, futhi lo muzi awuyikushiswa ngomlilo, uphile wena nendlu yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UJeremiya wayesethi kuZedekiya: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma uphumela nokuphumela ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila, nalo muzi awuyikushiswa ngomlilo; futhi uzophila kanye nendlu yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:17
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ubowatshela ukuthi ungudadewethu, khona ezongiphatha kahle ukuze ngisinde ngenxa yakho.”


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Kwathi ngonyaka wama-37 athunjwa uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngosuku lwama-27 lwayo, u-Evili Merodaki, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wakhe wokuqala eyinkosi, wamkhulula ejele uJehoyakini, inkosi yakwaJuda.


Maliqiniswe libe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘USimakade Wamabandla unguNkulunkulu ka-Israyeli, yebo, uNkulunkulu ka-Israyeli,’ nendlu kaDavide, inceku yakho, iqinisiwe phambi kwakho.


Kwase kubuthana bonke labo abathuthumela uma bezwa okwakushiwo nguNkulunkulu ka-Israyeli, ngenxa yokungethembi kwababebuye ekuthunjweni, bahlala nami kwaze kwaba yisikhathi somnikelo wakusihlwa.


“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.


Nkulunkulu Wamabandla, phenduka, siyakucela, bheka phansi usezulwini, ubone, bese uwunakekela lo mvini,


Sibuyise, Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Ngakhuluma amazwi afanayo enkosini yakwaJuda, uZedekiya, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.


Ningabalaleli; yikhonzeni inkosi yaseBhabhele ukuze niphile; kungani lo muzi ube ngowokubhujiswa na?


Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, kodwa ozophuma aye kumaKhaledi, uyakuphila; nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Zonke izikhulu zenkosi yaseBhabhele zangena, zahlala esangweni eliphakathi nendawo: kwakunguNerigali Sarezeri, uSamigari Nebho, uSaresekimi induna yezinceku, uNerigali Sarezeri induna yabaphristi, nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBhabhele.


UGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukuzinikela kumaKhaledi, hlalani ezweni, nikhonze enkosini yaseBhabhele, ukuze konke kunihambele kahle.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabasancelayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?


Kwakukhona lapho inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli eyayifana nengayibona esigodini.


Ngiyakunenza nithunjelwe phesheya kweDamaseku,” kusho uSimakade ogama lakhe linguNkulunkulu Wamabandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ