Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 37:5 - IsiZulu 2020

5 Impi kaFaro yayikhuphukile ivela eGibhithe, okwathi lapho amaKhaledi ayevimbezele iJerusalema ezwa lokho, asuka eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Impi kaFaro yayisiphumile eGibithe; lapho amaKaledi avimbezela iJerusalema ekuzwa, akhuphuka eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Impi kaFaro yaphuma eGibithe; kwathi amaKaledi avimbezela iJerusalema ezwa umbiko kubo, asuka eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 37:5
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yaseGibhithe ayibuyanga futhi yaphuma ezweni lakubo, ngoba inkosi yaseBhabhele yayithathe konke okwenkosi yaseGibhithe, kusukela emfuleni eGibhithe kuze kuyofika eYufrathe.


“UZedekiya, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, esandleni salabo abafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sempi yenkosi yaseBhabhele, esisukile kini.


Kwathi lapho impi yamaKhaledi isisukile eJerusalema, ngenxa yempi kaFaro,


Izwi likaSimakade lafika kumphrofethi uJeremiya, lathi:


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyakusho kanje enkosini yakwaJuda enithumileyo ukuba nizobuza kimi, nithi: ‘Uyabona-ke, impi kaFaro ephume ukuzonisiza izophenduka ibuyele ezweni lakubo eGibhithe.


Kepha inkosi yayivukela inkosi yaseBhabhele ngokuthumela izithunywa zayo eGibhithe, ukuba ithole amahhashi nabantu abaningi. Uyophumelela yini na? Uyophunyuka yini owenza lezi zinto? Uyophunyuka yini owephula isivumelwano na?


UFaro, ngempi yakhe enkulu nebandla elikhulu analo, akayukumsiza empini, nalapho kwenziwa indunduma, kwakhiwa udonga lokuvimbezela ukuze kubulawe abantu abaningi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ