Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 37:13 - IsiZulu 2020

13 Kwathi lapho engasesangweni kwaBhenjamini, bheka, umphathi wabalindi okwakuthiwa ngu-Iriya, indodana kaShelemiya kaHananiya; wambamba uJeremiya, umphrofethi, wathi: “Uhlubukela kumaKhaledi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lapho esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona lapho inkosi yabalindi egama layo lalingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba uJeremiya umprofethi, yathi: “Uyahlubukela kumaKaledi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwathi esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona induna yabalindi, igama layo lingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba umprofethi uJeremiya, yathi: “Niwela kumaKaledi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 37:13
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


UPhashuri wamshaya uJeremiya, umphrofethi, wamfaka ejele elalingasesangweni elingenhla kwakwaBhenjamini, ngasendlini kaSimakade.


Ozosala kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane; kodwa ozophuma azinikele kumaKhaledi anivimbezeleyo, uyakuphila, aphunyuke nokuphila kwakhe.


Manje nginikela wonke lawa mazwe esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, futhi ngimnika nezilwane zasendle ukuba zimkhonze.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuba zimkhonze uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, yebo, ziyakumkhonza, futhi ngimnikile nezilwane zasendle.’ ”


wayesehlela esigodlweni senkosi, ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhleli khona zonke izikhulu: u-Elishamu umbhali, uDelaya indodana kaShemaya, u-Elinathani indodana ka-Akhibhori, uGemariya indodana kaShafani, uZedekiya indodana kaHananiya, nazo zonke izikhulu.


UShefathiya indodana kaMathani, uGedalidaya indodana kaPhashuri, uJukhali indodana kaShemaliya noPhashuri indodana kaMalikhiya bawezwa amazwi uJeremiya ayewakhuluma phambi kwabantu bonke, ethi:


Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”


Kepha u-Ebhedi Melekhi, umKhushe owayengumthenwa esigodlweni senkosi, wezwa ukuthi uJeremiya bamfake emgodini. Inkosi yayihleli esangweni kwaBhenjamini.


Izitha zethu zasizingela nomaphi lapho sibalekela khona, sasingasakwazi ukuhamba emigwaqweni yakithi. Isiphetho sethu sase sisondele, nezinsuku zethu sezibaliwe, nokuphela kwethu kwase kufikile.


U-Amaziya umphristi waseBhethele wathumela kuJerobhowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwakhele uzungu kubantu bakwa-Israyeli; izwe alinakumelana nawo wonke amazwi akhe.


Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.”


Futhi abanakubeka bufakazi kuwe ngalokhu abangibeka icala ngakho manje.


Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.”


ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ