Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 37:10 - IsiZulu 2020

10 Noma beningayibhubhisa yonke impi yamaKhaledi alwa nani, kusale kuphela izinkubela kubo, zona beziyakuvuka, kube yileyo naleyo ethendeni layo, ziwushise ngomlilo lo muzi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba noma benichithile impi yonke yamaKaledi elwa nani, kwaze kwasala abantu abagwaziweyo bodwa phakathi kwabo, bona bebeyakuvuka, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, bawushise lo muzi ngomlilo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngoba noma benilichithe lonke ibutho lamaKaledi alwa nani, kwasala abalimele phakathi kwabo, nokho bebeyakuma, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, awushise lo muzi ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 37:10
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


Bonke abayotholwa bayogwazwa, nabayobanjwa, badliwe yinkemba.


Kodwa wena ulahlwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abagwazwe ngenkemba, behlela emgodini wamatshe njengesidumbu esinyathelweyo.


Inkulungwane iyakubaleka isongelwa ngoyedwa; kuthi ngokusongelwa ngabayisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe ninjengensika esiqongweni sentaba, nanjengebhanela phezu kwegquma.”


Ngokuba ngimelene nalo muzi, ukwenza okubi kuwo, kungabi ngokuhle,’ ” kusho uSimakade. “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, iwushise ngomlilo.”


AmaKhaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele ngomlilo, awushise nalezo zindlu ababeshisela uBhali impepho phezu kophahla lwazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo ukuba bangicunule.


Kwathi lapho impi yamaKhaledi isisukile eJerusalema, ngenxa yempi kaFaro,


AmaKhaledi azobuya alwe nalo muzi, awudle, awushise ngomlilo.’


Ngakho-ke yizwani ngecebo likaSimakade; ngo-Edomi nalokho akuhlosile ngabakhileyo eThemani: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa basuswe, abhubhise amadlelo abo ngenxa yabo.


Ngakho-ke yizwani amasu uSimakade awacebele iBhabhele nakuhlose ngezwe lamaKhaledi: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa, basuswe, indawo abakuyo ayenze ibe yincithakalo ngenxa yabo.


Bayakuwa begwaziwe ezweni lamaKhaledi, bemanxebanxeba emigwaqweni yalo.


“INkosi uSimakade iwalaxazile onke amaqhawe ami, ibize imbizo ukuze imelane nami; ifihlize izinsizwa zami, kuhle kwesikhamo sewayini inyathele intombi eyindodakazi yakwaJuda.


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ