Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 36:4 - IsiZulu 2020

4 UJeremiya wayesebiza uBharukhi indodana kaNeriya. UBharukhi waloba emqulwini wencwadi wonke amazwi kaSimakade ayewakhulume kuye, ewatshelwa nguJeremiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJeremiya wayesebiza uBaruki indodana kaNeriya; uBaruki waloba emqulwini wencwadi onke amazwi kaJehova ayewakhulume kuye, ewathatha emlonyeni kaJeremiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJeremiya wasebiza uBharuki indodana kaNeriya, uBharuki waloba emqulwini ophuma emlonyeni kaJeremiya wonke amazwi eN kosi eyayiwakhulume kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 36:4
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hamba manje, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuze kuthi ngesikhathi esizayo kube ngubufakazi baphakade.


USimakade wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu, uthi Mahere Shalali Hashi Bhazi.


Ngiyakwehlisela phezu kwalelo lizwe wonke amazwi ami engiwakhulume kulo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuphrofethile ngazo zonke izizwe.


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini, wonke amazwi engiwakhulume kuwe.


ngakunika uBharukhi, indodana kaNeriya kaMahaseya, incwadi yokuthengiselana, phambi kukaHanameli indodana yomfowabo kababa, naphambi kofakazi ababelobe encwadini yokuthengiselana naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni labalindi.


Zonke izikhulu zathuma uJehudi, indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKhushi kuBharukhi, zathi: “Umqulu owufundele abantu belalele wuthathe ngesandla sakho, uze nawo.” UBharukhi, indodana kaNeriya, wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, waya kuzo.


Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawulanda ekamelweni lika-Elishama, umbhali. UJehudi wawufunda, inkosi nazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini zilalele.


Kwathi lapho uJehudi esefunde amakhasi amathathu noma amane, inkosi yawasika ngommese womlobi, yawaphonsa emlilweni osembawuleni, waze waphela wonke umqulu ushiswa ngomlilo osembawuleni.


Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.


Izwi likaSimakade lase lifika kuJeremiya, emveni kokuba inkosi isiwushisile umqulu namazwi ayelotshwe nguBharukhi, evela emlonyeni kaJeremiya, lathi:


“Phinda, uthathe omunye umqulu, ubhale kuwo wonke amazwi ayesemqulwini wokuqala oshiswe nguJehoyakimi, inkosi yakwaJuda.


UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBharukhi umbhali, indodana kaNeriya, waloba kuwo wonke amazwi encwadi akhulunywa nguJeremiya, wonke amazwi omqulu uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayewushise emlilweni. Kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawakuqala.


Wena hamba, uye endlini kaSimakade ngosuku lokuzila ukudla, ufunde abantu bezwa, ufundele nabo bonke abavela emizini yakwaJuda, wonke amazwi kaSimakade engikutshele wona, wawaloba emqulwini.


kodwa nguBharukhi, indodana kaNeriya, ekuqhatha nathi ukuze sinikelwe esandleni samaKhaledi, asibulale, asithumbele eBhabhele.”


Izwi uJeremiya, umphrofethi, ayala ngalo uSeraya, indodana kaNeriya kaMakhaseya, ngesikhathi ehamba noZedekiya, inkosi yakwaJuda, beya eBhabhele, ngonyaka wesine wokubusa kwakhe. USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.


UJeremiya wawaloba emqulwini wonke amazwi enhlekelele yonke eyayizokwehlela iBhabhele; wonke lawo mazwi alotshwe mayelana neBhabhele.


Ngabona, bheka, naso isandla eselulelwe ngakimi, kuso kunomqulu wencwadi.


Kwathi ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari, inkosi yaseBhabhele, uDaniyeli waphupha iphupho, wabona nemibono emqondweni wakhe elele embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda ngengqikithi yalo.


Ngabuye ngabheka, ngabona umqulu wencwadi ondizayo.


Mina, Therthiyu, olobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ