Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 34:7 - IsiZulu 2020

7 ngesikhathi impi yenkosi yaseBhabhele ilwa neJerusalema nemizi yonke yakwaJuda eseleyo, iLakhishi ne-Azeka, ngokuba yiyo imizi ebiyelweyo eyayisele emizini yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho impi yenkosi yaseBhabhiloni ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eyayisele, neLakishi ne-Azeka, ngoba le mizi eyinqaba yayisele emizini yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 34:7
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bamakhela uzungu eJerusalema, wayesebalekela eLakhishi, kodwa bathumela eLakhishi emva kwakhe, bambulalela khona.


URabi Shake waphindela emuva, emveni kokuba ezwe ukuthi inkosi isukile eLakhishi, wayifumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibhina.


Wakha imizi kwelezintaba kwaJuda; wakha emahlathini izinqaba nemibhoshongo.


Inkosi yase-Asiriya yathumela uRabi Shake, esuka eLakhishi, waya eJerusalema enkosini uHezekiya, enempi enkulu; wamisa ngasemseleni wechibi elingenhla, elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.


Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakuhamba, bakhale konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayukubasindisa nakancu, lapho behlelwa yinhlekelele.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nempi yakhe yonke, nemibuso yonke yomhlaba engaphansi kwesandla sakhe, nezizwe zonke, zilwa neJerusalema nemizana yonke elizungezile, lathi:


“Memezelani kwaJuda, nihlabe umkhosi eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze, nithi: ‘Buthanani, masihambe siye emizini ebiyelweyo.’


“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


Nina enihlala eLakhishi, bophelani ihhashi enqoleni, kube kunguqala kwesono sendodakazi yaseZiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zitholakale kuwe.


Siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho, zize ziwe izingange zakho ozethembayo ezweni lakho lonke, siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunike lona.


Ngakho-ke u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, wathumela kuHohamu inkosi yaseHebhroni, nakuPhiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakhishi, nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, wathi:


Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama-Amori: inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebhroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakhishi, nenkosi yase-Egiloni, ahlanganisa amabutho awo, akhuphuka nayo yonke impi yawo, akanisa malungana neGibheyoni, alwa nalo.


inkosi yaseJarimuthi: iyodwa; inkosi yaseLakhishi: iyodwa;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ