UJeremiya 32:44 - IsiZulu 202044 Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE44 Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202444 Abantu kumelwe bathenge amasimu ngemali futhi basayine izincwadi futhi babeke uphawu, futhi bathathe ofakazi ezweni lakwaBenjamini nasezindaweni ezizungezile eJerusalema nasemizini yakwaJuda nasemizini yasezintabeni nasemizini yasesigodini nasemadolobheni asesigodini. Imizi yaseningizimu, ngokuba ngiyakushintsha isabelo sayo,” usho uJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.