Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:4 - IsiZulu 2020

4 UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ayiyukuphunyuka esandleni samaKhaledi, kodwa uyonikelwa nokunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, akhulume nayo umlomo nomlomo, ayibone ubuso nobuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi, kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ngeke aphunyuke esandleni samaKhaledi, kodwa ngokuqinisekile uyonikelwa esandleni senkosi yaseBhabhiloni futhi akhulume nayo umlomo nomlomo, futhi amehlo ayo ayobona amehlo ayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Iyakushabalala indawo yokucasha kubelusi, izikhulu zomhlambi aziyukuphunyula.


“UZedekiya, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, esandleni salabo abafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sempi yenkosi yaseBhabhele, esisukile kini.


Wena awuyukuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; niyakubonana ubuso nobuso nenkosi yaseBhabhele, nikhulume umlomo nomlomo; uyakuya eBhabhele.


UZedekiya, inkosi, wathumela ukuba alandwe; inkosi yambuza ngasese esigodlweni sayo, yathi: “Likhona yini izwi elivela kuSimakade na?” UJeremiya, wathi: “Likhona.” Wathi futhi: “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele.”


Kepha uma ungazinikeli ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKhaledi, awushise ngomlilo, wena awuyukuphunyuka esandleni sawo.’ ”


“Bonke abafazi bakho nezingane zakho bayobayisa kumaKhaledi. Wena awuyukuphunyuka esandleni sabo, kodwa isandla senkosi yaseBhabhele siyakukubamba, nalo muzi ushiswe ngomlilo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ