Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:32 - IsiZulu 2020

32 ngenxa yabo bonke ububi obenziwe ngabantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, izikhulu zabo, abaphristi babo, abaphrofethi babo, nabo bonke abakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngenxa yabo bonke ububi babantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzile ukuze bangicunule, bona, namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:32
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kusukela emihleni yokhokho bethu kuze kube namuhla, sithe shi ezonweni, ngenxa yezono zethu, namakhosi ethu, nabaphristi, sinikelwe emakhosini ezinye izizwe, enkembeni, ekuthunjweni, ekuphangweni nasehlazweni elikhulu, njengoba kunje manje.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Isiphrofetho ngesiGodi Sombono. Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu, nenyukele ophahleni lwendlu,


“Njengesela linxothoza lapho selibanjiwe, iyakuba njalo nendlu yakwa-Israyeli; iyokuba namahloni, yona namakhosi ayo, izikhulu zabo, abaphristi babo, nabaphrofethi babo


Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu. Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu, emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema. Ngokuba sasidla sisutha ukudla, singahlushwa yilutho.


“Ngabe impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, nina nokhokho benu, namakhosi enu, nezikhulu zenu nabantu bezwe, uSimakade akayikhumbulanga yini, yavuka enhliziyweni yakhe na?


Awukuboni yini abakwenzayo emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na?


“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini eJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho sebeyihlazo kubo bonke abasizungezileyo.


asilalelanga izinceku zakho, abaphrofethi, ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakokhokho bethu, nakubo bonke abantu bezwe.


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Simakade, thina sinamahloni: kuwo amakhosi ethu, nakuzo izikhulu zethu, nakokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ