Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:28 - IsiZulu 2020

28 Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: bheka, lo muzi ngizakuwunikela esandleni samaKhaledi, nasesandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuze awudle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni samaKaledi nasesandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, awuthathe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyawunikela lo muzi esandleni samaKaledi nasesandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, futhi uyakuwuthatha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:28
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abanye abantu abasala emzini, nalabo abahlubukayo, bahlubukela ngasohlangothini lwenkosi yaseBhabhele, nesixuku esiseleyo, uNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumba bonke.


Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Nokho ngizolikhathaza i-Ariyeli, kuzoba nokukhala nokulila, lizofana ne-Ariyeli.


Futhi ngiyakunikela yonke ingcebo yalo muzi, yonke impahla yawo, nazo zonke izinto zawo eziyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda ngiyoyinikela esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBhabhele.


Ngokuba ngimelene nalo muzi, ukwenza okubi kuwo, kungabi ngokuhle,’ ” kusho uSimakade. “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, iwushise ngomlilo.”


“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


UZedekiya, inkosi yakwaJuda, yayimvalele lapho, yathi: “Uphrofethelani uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bheka, ngizakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhele, iwudle.


“Ngakho-ke manje usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngalo muzi enithi ngawo: ‘Unikelwe esandleni senkosi yaseBhabhele ngenkemba, ngendlala nangobhubhane,’ uthi:


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: hamba uye kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, uyothi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bheka, ngizakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhele, eyakuwungqongqisa ngomlilo.


Wena awuyukuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; niyakubonana ubuso nobuso nenkosi yaseBhabhele, nikhulume umlomo nomlomo; uyakuya eBhabhele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ