Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:27 - IsiZulu 2020

27 “Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Bheka, nginguJehova, uNkulunkulu wenyama yonke; kukhona okunzima kimi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:27
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


“Lokho kulula phambi kukaSimakade, uyakubanikela esandleni senu abakwaMowabi.


Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe.


Kodwa manje, Simakade, unguBaba, thina siyibumba, Wena ungumbumbi wethu, sonke singumsebenzi wesandla sakho.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla.


USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”


UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”


“USimakade, uNkulunkulu wemimoya yonke, makamise umuntu phezu kwenhlangano,


Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”


abantu bonke bazakuyibona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ