Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:23 - IsiZulu 2020

23 Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:23
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kusukela emihleni yokhokho bethu kuze kube namuhla, sithe shi ezonweni, ngenxa yezono zethu, namakhosi ethu, nabaphristi, sinikelwe emakhosini ezinye izizwe, enkembeni, ekuthunjweni, ekuphangweni nasehlazweni elikhulu, njengoba kunje manje.


Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


Kabasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba ngomthetho wakhe.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: uma ningangilaleli, nihambe emthethweni wami engiwumise phambi kwenu,


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami, engikubeke phambi kwenu naphambi kokhokho benu.


Nokho abazange bangilalele, abayibekanga indlebe yabo kimi, kodwa bazenza lukhuni izintamo zabo; benza okubi ukwedlula okhokho babo.’


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


IJerusalema lone kakhulu, ngakho-ke seliyisinengiso; bonke abebelihlonipha sebeyaledelela, ngokuba bebone ubunqunu balo; nalo seliyabubula, liphenduka libafulathela.


Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zoyihlo, ningazigcini izehlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


“ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


Kanjalo nani, uma senikwenzile konke enikuyalelweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho, ngokuba sikwenzile lokho obekufanele ukuba sikwenze.’ ”


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”


Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke.


USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.


Uma nephula isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ngaso bese nihamba niyokhonza abanye onkulunkulu, nibakhothamele, ulaka lukaSimakade luyonivuthela, nibhubhe ngokushesha kuleli lizwe elihle aninike lona.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ