Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:15 - IsiZulu 2020

15 Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Izindlu namasimu nezivini kuyakubuye kuthathwe njengefa kuleli zwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:15
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

yiMina ofeza izwi lezinceku zakhe, enze konke okubikezelwa yizithunywa zakhe, akhulume ngeJerusalema, athi: ‘Liyohlalwa,’ nangemizi yakwaJuda, athi ngayo: ‘Izokwakhiwa,’ nencithakalo, athi ngayo: ‘Ngiyoyivusa.’


“Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Bheka, ngizokuqeda ukuthunjwa kwamathende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyokwakhiwa egqumeni lawo, isigodlo sihlale njengokufaneleyo.


Bayakufika behlabelela ngokujabula, esicongweni seZiyoni bayakuthakasa ngenxa yokuhle abazokuphiwa nguSimakade; okusanhlamvu, iwayini, amafutha, amazinyane ezimvu namankonyane ezinkomo; umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniseliweyo, bangabe besaba nosizi nanini.


UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi baphume nemihlambi.


Uyobuye utshale izivini ezintabeni eSamariya; abatshali bayozitshala, babuye badle izithelo zazo.


‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthengiselana esicilelweyo nale evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba, ukuze zigcineke izinsuku eziningi.


Wena Nkosi Simakade, noma umuzi unikelwe esandleni samaKhaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngesiliva, ube nofakazi.’ ”


bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;


Bahlale kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, bahlale bevikelekile, ngesikhathi ngibehlulela bonke ababedelelayo ababazungeze nxazonke, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo.” ’ ”


“ ‘Ngalolo lusuku, yilowo nalowo uyakumema umakhelwane wakhe, phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ