Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:23 - IsiZulu 2020

23 Bheka, isivunguvungu sikaSimakade! Ulaka lwakhe luphumile; isivunguvungu esibhubhisayo, siyakwehlela phezu kwamakhanda ezikhohlakali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Bheka, isivunguvungu sikaJehova! Ukufutheka kwakhe kuphumile, isivunguvungu esichithayo; siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Bheka, isivunguvungu sikaJehova siphuma ngokufutheka, isivunguvungu esiqhubekayo; liyowela ngobuhlungu phezu kwekhanda lababi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:23
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.


Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelelo yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela,


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bheka, kuzakuphuma inhlekelele esizweni, yedlulele nakwesinye; kuvuswe isivunguvungu esikhulu emikhawulweni yomhlaba.”


Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu, nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela ezindaweni eziphakeme ezingamaqwaqwasi liya endodakazini yabantu bami, aliyukubahlakaza, aliyukubahlambulula.


Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.


USimakade uyakubonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi. INkosi uSimakade iyakushaya impalampala. Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ