Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:17 - IsiZulu 2020

17 Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba ngiyakuphulukisa, ngipholise imivimbo yakho, usho uJehova; ngoba bakubize ngokuthi uyisigxotshiwe, besithi: Le yiZiyoni elingafunwa muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:17
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.


Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho,


Wathumela izwi lakhe, wabaphilisa, wabahlenga emathuneni abo.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.


Uvuselela umphefumulo wami. Ungiholela ezindleleni zokulunga, ngenxa yeGama lakhe.


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Iyophakamisela abezizwe ibhanela, ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.


Akukho sakhamuzi esiyothi: “Ngiyagula.” Abantu abahlala lapho bayothethelelwa iziphambeko zabo.


USimakade ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona olahliweyo.” kusho uNkulunkulu wakho.


INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Ngisazoqoqela kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”


Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngizakumhola, ngimbuyisele ukududuzeka, yena nabamlilelayo.


Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”


Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.


“Nakuba bewushiyiwe, uzondwa, kungasekho muntu odabula kuwe; ngiyakukwenza ube yisivunulo saphakade, nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.


Ithende lami libhidliziwe, izintambo zalo zonke zigqatshuliwe; abantwana bami bangishiyile, abasekho, akasekho ongangigxumekela ithende lami futhi, nongigaxela amakhethini ami.


Simakade, ngiphulukise, ngiyakuphuluka, ngihlenge, ngiyakuhlengwa, ngokuba uludumo lwami.


“Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.


Akekho omela udaba lwakho, akukho muthi wokukwelapha; akukho ukuphulukiswa kuwe.


“Awuzwanga yini laba bantu bekhuluma, bethi: ‘Imindeni yomibili uSimakade ayikhethayo uyilahlile na?’ Base bebadelela abantu bami, kwaze kwangathi abasesizwe phambi kwabo.


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele impumelelo nokulondeka okukhulu.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


Bonke abedlula ngakuwe, bashaya izandla, bethi: “Ashila!” Bayakunximfela, benikina amakhanda, ndodakazi Jerusalema, bathi: “Ngabe yiwo yini lo muzi ababewubiza ngokuthi ungubuhle obupheleleyo, nentokozo yomhlaba wonke na?”


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade. Ngiyizwile yonke inhlamba yakho oyithuke usezintabeni zakwa-Israyeli, uthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.


Kwakuthi lapho befika ezizweni ababeya kuzo, balihlambalaze igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaSimakade, kodwa nakuba kunjalo balishiyile izwe lakhe.’


Kepha yiMina engacathulisa u-Efrayimi; ngabagona ngezingalo zami, kodwa abazanga ukuthi ngabaphulukisa.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


Phakathi komgwaqo wawo nomfula kuleli cala, ngakwelinye kukhona umuthi wokuphila, owawuthela izithelo ezili-12, izithelo zawo uzithela nyanga zonke, amacembe omuthi angawokuphilisa izizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ