Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:12 - IsiZulu 2020

12 “Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphola, nesilonda sakho sibi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa, nesilonda sakho sinzima.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Inxeba lakho alinakuphulukiswa, nesilonda sakho sibuhlungu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:12
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


Ukhalelani ngenxeba lakho nangobuhlungu bakho obungenakwelashwa na? Lokhu ngikwenze ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nobuningi bezono zakho.


Njengomthombo ogcina amanzi awo emahle, nalo ligcina kanjalo ububi balo; ubudlova nokucekela phansi kuyezwakala kuwo; ukugula namanxeba kuphambi kwami njalo.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli, bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, siphelelwe yithemba, sibhujisiwe.’


“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.


Ngokuba izilonda zalo azelapheki, lokhu sekuze kwafika nakwaJuda, kwafinyelela nasesangweni labantu bami, eJerusalema.


Akukho ukwelashwa kokuphuka kwakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya ihlombe, ngokuba ngubani obungadlulelanga njalo phezu kwakhe ububi bakho na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ