Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 3:21 - IsiZulu 2020

21 Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Izwi liyezwakala emadulini angenalutho, ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kwezwakala izwi ezindaweni eziphakemeyo, ukukhala nokunxusa kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba babephambukile indlela yabo, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 3:21
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.


Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.


Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo, ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


Lokhu kuyisabelo sakho, isabelo engikulinganisele sona,” kusho uSimakade, “ngokuba wangikhohlwa wethembela emangeni.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


“Phakamisela amehlo akho emadulini angamaqwaqwasi, ubone, kukuphi lapho ongazinikelanga kwalalwa khona nawe na? Ubahlalele ngasezindleleni, ubufana nomArabhi ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.


“Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba ungikhohliwe Mina, wangifulathela, uyakukuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.’ ”


Abasindileyo kubo bayakuphunyuka, batholakale ezintabeni njengamajuba asezigodini, bonke belila, yilowo nalowo ngezono zakhe.


Basutha ngokwamadlelo abo, kuthe sebesuthi bazigqaja, base bengikhohlwa Mina.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kuze kube ngamahlandla amathathu na? Ngize ukuzomelana nawe ngoba le ndlela yakho oyithathile imbi, iyingozi.


Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ