UJeremiya 3:17 - IsiZulu 202017 Ngaleso sikhathi, abantu bayobiza iJerusalema ngokuthi liyisihlalo sobukhosi sikaSimakade. Izizwe zonke ziyobuthelwa kulo, kulo igama likaSimakade eJerusalema. Azisayukuhamba ngokwenkani yenhliziyo yazo embi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE17 Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202417 Ngaleso sikhathi bayobiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; zonke izizwe ziyakubuthelwa khona ngenxa yegama likaJehova eJerusalema; futhi ngeke besahamba ngobuqili benhliziyo yabo embi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Bayoletha njengomnikelo kuSimakade, bonke abafowenu bevela ezizweni zonke ngamahhashi, ngezinqola, ngezinhlaka, ngeminyuzi nangamakameli, bayoza entabeni yami engcwele, iJerusalema,” kusho uSimakade, “njengalokhu abakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaSimakade.
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, le ndawo iyisihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade. Indlu yakwa-Israyeli ayisayukulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo.