Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 27:19 - IsiZulu 2020

19 Usho kanje uSimakade Wamabandla ngezinsika, ngolwandle, ngezinqe nangezitsha ezisasele kulo muzi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ngezinsika, nangolwandle, nangezinqe, nangensali yezitsha ezisele kulo muzi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti mayelana nezinsika, nangokuphathelene nolwandle, nezisekelo, nangensali yezitsha ezisele kulo muzi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 27:19
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza ulwandle olubunjiweyo; lwalungamakhubhithi alishumi kusukela komunye umphetho kuze kufike komunye, luyindilinga. Ukuphakama kwalo kwakungamakhubhithi ayisihlanu, luzungezwe nxazonke yintambo yokulinganisa engamakhubhithi angama-30.


Wakha izinqe zethusi ezilishumi: ubude besinqe ngasinye bungamakhubhithi amane, ububanzi baso bungamakhubhithi amane, ukuphakama kungamakhubhithi amathathu.


Izinsika zethusi ezazisendlini kaSimakade, izinqe zolwandle lwethusi okwakusendlini kaSimakade, akuhlephula amaKhaledi, alithwala ithusi aya nalo eBhabhele.


Ukuphakama kwensika eyodwa kwakungamakhubhithi ali-18; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakungamakhubhithi amathathu. Kwakukhona nenetha namahananadi phezu kwesihloko, nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke yakuyisa eBhabhele.


Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.


INkosi uNkulunkulu yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nengxenye yezitsha zasendlini kaNkulunkulu, waziyisa eShineyari endlini kankulunkulu wakhe; izitsha wazibeka endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ