Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 24:5 - IsiZulu 2020

5 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubabheka kanjalo abathunjwa bakwaJuda, engibasusile kule ndawo, baya ezweni lamaKhaledi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli; Njengalawa makhiwane amahle, kanjalo ngiyakubabona abathunjwa bakwaJuda, engabasusa kule ndawo, babayisa ezweni lamaKaledi, kube kuhle kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 24:5
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.


Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Kepha manje yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bathunjwa, enganithumela eBhabhele nisuka eJerusalema.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engabathumela ekuthunjweni eBhabhele besuka eJerusalema, uthi:


“Ngakho-ke wothi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuniqoqa ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, futhi ngininike izwe lakwa-Israyeli.” ’ ”


ukuze bahambe ngokwezimiso zami, bagcine izehlulelo zami, bazenze. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo.


Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.


USimakade muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi labo abaphephela kuye.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


“Kepha umyeni waphendula, wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’


Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye.


Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ