4 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
4 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
USimakade wayesethi kimi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Amakhiwane; amakhiwane amahle, mahle kakhulu; namabi, mabi kakhulu, ngeke adliwa ngenxa yobubi bawo.”
“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubabheka kanjalo abathunjwa bakwaJuda, engibasusile kule ndawo, baya ezweni lamaKhaledi.