Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 24:2 - IsiZulu 2020

2 Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Esinye isitsha sasinamakhiwane amahle kakhulu, njengamakhiwane avuthwa kuqala; esinye isitsha sasinamakhiwane amaningi amabi, ayengenakudliwa ngokuba mabi kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 24:2
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yini esafanele ukwenziwa kuso engingayenzanga kuso na? Kungani ukuba ngithi ngilindele ukuthi sithele izithelo zomvini, sona sathela izithelo zasendle na?


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


yebo, usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bhekani, ngiyakuthumela kubo inkemba, indlala, nobhubhane, ngibenze babe njengamakhiwane abolile angenakudliwa, ngenxa yobubi bawo.


“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane okuqala asevuthiwe; uma inyakaziswa awela emlonyeni wodlayo.


Ulibo lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuSimakade luyakuba ngolwakho. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ