UJeremiya 22:21 - IsiZulu 202021 Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE21 Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla, kepha wathi: ‘Angizwa.’ Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho ukuthi awulizwa izwi lami. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202421 Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla; kodwa wena wathi: Kangifuni ukuzwa. Lokhu kwakuyindlela yakho kwasebusheni bakho, ukuthi awuzange ulalele izwi lami. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.
ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.