Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:13 - IsiZulu 2020

13 “Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe ngokungafanele, osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli, angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Maye kulowo owakha indlu yakhe ngobubi, namakamelo akhe ngobubi; osebenzisa umsebenzi womakhelwane wakhe ngaphandle kwenkokhelo futhi angamniki umsebenzi wakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:13
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yaseGibhithe yabeka u-Eliyakimi, umfowabo, waba yinkosi kwaJuda naseJerusalema, yaliguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi. UNekho wamthatha uJehowahazi, umfowabo, wamyisa eGibhithe.


UJehoyakimi wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Wenza okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakhe.


uma izithelo zawo engizidlile ngingazikhokhelanga, ngayimbangela yokufa kwabanikazi bazo;


Maye kini enihlanganisa indlu nendlu, ninezelele insimu kwenye, kuze kungabe kusaba bikho ndawo, ukuze kube yini nodwa enakhe emhlabeni!


Owenza ingcebo ngokungalungi ufana nentendele echamusela ingazalelanga; iyakumshiya dengwane esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe, ekugcineni abe yisiwula.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’


“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.


nina enakha iZiyoni ngokuchitha igazi, neJerusalema ngokuhlanekezela ubulungiswa.


Maye, kowakha umuzi ngokuchitha igazi, asekele umzana ngobubi!


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Uyakumyekela ukuba ahambe kodwa awuyukumhambisa elambatha.


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ