Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 21:7 - IsiZulu 2020

7 Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Emva kwalokho, usho uJehova, ngiyonikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu, nabaseleyo kulo muzi, esifeni, enkembeni, nasendlaleni, ngibanikele esandleni. Wenkosi uNebukadinesari wasindiswa. YeBhabhiloni nasesandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo; futhi Uyobashaya ngosiko lwenkemba; akayikubahawukela, angabahawukeli, ahawukele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 21:7
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


“Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na? Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?


Owazala abayisikhombisa usedangele, uyakhefuzela efuna umoya; ilanga limshonele emini; unamahloni, uyayangaza. Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni, phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.


“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.


ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho, nasesandleni salabo obesabayo; esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni samaKhaledi.


Manje nginikela wonke lawa mazwe esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, futhi ngimnika nezilwane zasendle ukuba zimkhonze.


UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ayiyukuphunyuka esandleni samaKhaledi, kodwa uyonikelwa nokunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, akhulume nayo umlomo nomlomo, ayibone ubuso nobuso.


Wena awuyukuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; niyakubonana ubuso nobuso nenkosi yaseBhabhele, nikhulume umlomo nomlomo; uyakuya eBhabhele.


Uyakuthi-ke kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda: ‘Usho kanje uSimakade uthi: uwushisile lo mqulu, uthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBhabhele izofika nokufika izobhubhisa leli lizwe, yenze ukuba kungabe kusaba nabantu nezilwane kulo na?”


UZedekiya, inkosi, wathumela ukuba alandwe; inkosi yambuza ngasese esigodlweni sayo, yathi: “Likhona yini izwi elivela kuSimakade na?” UJeremiya, wathi: “Likhona.” Wathi futhi: “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele.”


“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”


“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?


“Ubabize nxazonke abangesabisayo, kwaba njengasosukwini owawulumisile; akubanga bikho namunye owaphunyula nowasindayo, ngosuku lwentukuthelo kaSimakade. Labo engabazala ngabakhulisa, isitha sami sibaqothulile.”


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakukunikela esandleni salabo obazondayo, esandleni salabo umphefumulo wakho owehlukane nabo usubenyanya.


Iso lami aliyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo; ngiyakuphindisela kuwe ngokwezindlela zakho, izinengiso zakho ziyokuba phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngiyashaya.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”


isizwe esibuso baso bugcwele ulunya, esingenandaba nomuntu omdala, nesingenaluzwelo komusha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ