Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 21:14 - IsiZulu 2020

14 “ ‘Ngiyakunihambela, nginijezise njengokwezithelo zezenzo zenu, ngiyakuphemba umlilo, uqothule ihlathi lawo umuzi nakho konke okuwuzungezileyo, kusho uSimakade.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngiyakunihambela njengezithelo zezenzo zenu, usho uJehova, ngiphembe umlilo ehlathini labo, uqede konke okungakhona.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha ngiyakunihambela njengesithelo sezenzo zenu, usho uJehova; futhi ngiyobasa umlilo ehlathini lakhe, futhi uyoqothula konke okuzungezile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 21:14
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange eJerusalema, bazishisa zonke izigodlo ngomlilo, babhubhisa zonke izitsha zakhona ezinxanelekayo.


Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.


Umuntu uyasutha ngokuhle okuyisithelo somlomo wakhe, nemisebenzi yezandla zakhe imlethela inzuzo.


Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.


Ngakho iNkosi uSimakade Wamabandla izothumela isifo esincunzayo phakathi kwamabutho akhe akhulupheleyo, iphembe umlilo ngaphansi kwenkazimulo yayo umlilo uvuthe.


Ngalolo lusuku uSimakade uyowajezisa amabandla asezulwini phezulu, namakhosi omhlaba emhlabeni.


Ngesandla sezinceku zakho uyidelelile iNkosi, wathi: ‘Ngezinqola zami eziningi ngenyukele phezulu ezintabeni, kuze kube semikhawulweni yeLebhanoni; ngagawulela phansi imisedari yalo emide, nemisayiphuresi yalo ekhethekileyo, ngafinyelela emajukujukwini ekuphakameni kwalo, nasesijwini sehlathi elicinene.


USimakade wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle. Kepha ngomsindo wesiphepho esikhulu, uyakuphemba umlilo kuwo, kuphuke amagatsha awo.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bheka, ngiyakubajezisa; izinsizwa ziyokufa ngenkemba. Amadodana namadodakazi azo ayobulawa yindlala,


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


USimakade washo kanje, wathi: “Yehlela esigodlweni senkosi yakwaJuda, ukhulume lapho leli lizwi,


Ngizakumisa ababhubhisi abazomelana nawe; yilowo nalowo nesikhali sakhe; bayakugawula imisedari yakho yekhethelo, bayiphonse emlilweni.


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


Bazoligawula ihlathi lalo,” kusho uSimakade, “nakuba licinene; ngokuba baningi kunesikhonyane, abanakubalwa.


“Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo. Ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”


Washisa indlu kaSimakade, isigodlo senkosi, zonke izindlu eJerusalema, nazo zonke izindlu ezinkulu, wakushisa ngomlilo kwangqongqa.


Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


Indawo engaphansi iyafutha, umthofi udliwe ngumlilo; impela bahlungelwa ize nje, ngokuba ababi abakhishiwe.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela,


Ngokuvutha kolaka lwayo inqume zonke izimpondo zika-Israyeli, yagodla isandla sayo sokunene, ayamvikela ezitheni zakhe. Ulaka lwayo lwamvuthela uJakobe, lwashisa konke nxazonke.


uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.


Umhlaba uyakuba yincithakalo ngenxa yezakhamuzi zalo nangenxa yezenzo zabo.


Vula iminyango yakho, Lebhanoni, ukuze umlilo ungqongqise imisedari yakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ